Notice: file_put_contents(): Write of 607 bytes failed with errno=28 No space left on device in /www/wwwroot/muzbon.net/system/url_helper.php on line 265
Imacsoul - Ulimi | Скачать MP3 бесплатно
Ulimi

Ulimi

Imacsoul

Альбом: Ulimi
Длительность: 3:09
Год: 2022
Скачать MP3

Текст песни

ULIMI

Ngiyakukhumbuza mina
Uboqaphela (hhey) 
Ukuthi yini oyikhulumayo
Lunamandla ulimi

Ulimi luyabusisa
Ulimi luyaqalekisa,
Ulimi luyaphilisa wo
Ulimi luyabulalisa,
Ulimi luyabusisa
Ulimi luyaqalekisa,
Ulimi luyaphilisa wo
Ulimi luyabulalisa,

Wobala amagama mawukhuluma
Ubobala amagama mawukhuluma
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo
Ngiyak'khumbuza mina,

Ulimi luyakhuthaza
Ulimi luyawaqeda amandla
Ulimi luyisthunywa
Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo,
Ulimi luyakhuthaza
Ulimi luyawaqeda amandla
Ulimi luyisthunywa
Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo,

Wobala amagama mawukhuluma
(Mfowethu)
Ubobala amagama mawukhuluma
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo
Ngiyak'khumbuza mina,

Engcwele incwadi ikhuluma ukuphila,
Ithi ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila, (eish)
Basiluleka abadala
Sadodiswa sibancane 
Bathi ulimi luyadala,
(lunamandla ulimi)
Wasihlaba ngempela umhlaba (ehe) 
Sabulawa sibancane (hhe) 
Ngezono zabadala,
(sasingone lutho thina)
Ulimi luthwele icala
Ngalo lulodwa ungalufela ubala
Luthwele iqiniso namanga,
Luthwele impilo nokufa,
Ulimi luthwele icala
Ngalo lulodwa ungalufela ubala
Luthwele iqiniso namanga,
Luthwele impilo nokufa,

Wobala amagama mawukhuluma
(aaaa mfowethu)
Ubobala amagama mawukhuluma
(aahaa mfowethu)
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo
(wokwesaba ukukhuluma)
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo (ihhey) 
Ngiyak'khumbuza mina,

Ulimi luyakhuthaza (ehe) 
Ulimi luyawaqeda amandla (hhey) 
Ulimi luyisthunywa
Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo,
Ulimi luyakhuthaza (ehe) 
Ulimi luyawaqeda amandla (hhey) 
Ulimi luyisthunywa
Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo

Wobala amagama mawukhuluma
(aaaa mfowethu)
Ubobala amagama mawukhuluma
(aahaa mfowethu)
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo
(wokwesaba ukukhuluma)
Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo (ihhey) 
Ngiyak'khumbuza mina,

(Yhaaa mfowethu)
(Aaaa mfowethu)

Uboqaphela (aahaa Mfowethu) 
Ukuthi yini oyikhulumayo (hheee) 
Lunamandla ulimi