Sweet Melanin
Imacsoul
3:41ULIMI Ngiyakukhumbuza mina Uboqaphela (hhey) Ukuthi yini oyikhulumayo Lunamandla ulimi Ulimi luyabusisa Ulimi luyaqalekisa, Ulimi luyaphilisa wo Ulimi luyabulalisa, Ulimi luyabusisa Ulimi luyaqalekisa, Ulimi luyaphilisa wo Ulimi luyabulalisa, Wobala amagama mawukhuluma Ubobala amagama mawukhuluma Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo Ngiyak'khumbuza mina, Ulimi luyakhuthaza Ulimi luyawaqeda amandla Ulimi luyisthunywa Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo, Ulimi luyakhuthaza Ulimi luyawaqeda amandla Ulimi luyisthunywa Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo, Wobala amagama mawukhuluma (Mfowethu) Ubobala amagama mawukhuluma Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo Ngiyak'khumbuza mina, Engcwele incwadi ikhuluma ukuphila, Ithi ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila, (eish) Basiluleka abadala Sadodiswa sibancane Bathi ulimi luyadala, (lunamandla ulimi) Wasihlaba ngempela umhlaba (ehe) Sabulawa sibancane (hhe) Ngezono zabadala, (sasingone lutho thina) Ulimi luthwele icala Ngalo lulodwa ungalufela ubala Luthwele iqiniso namanga, Luthwele impilo nokufa, Ulimi luthwele icala Ngalo lulodwa ungalufela ubala Luthwele iqiniso namanga, Luthwele impilo nokufa, Wobala amagama mawukhuluma (aaaa mfowethu) Ubobala amagama mawukhuluma (aahaa mfowethu) Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo (wokwesaba ukukhuluma) Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo (ihhey) Ngiyak'khumbuza mina, Ulimi luyakhuthaza (ehe) Ulimi luyawaqeda amandla (hhey) Ulimi luyisthunywa Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo, Ulimi luyakhuthaza (ehe) Ulimi luyawaqeda amandla (hhey) Ulimi luyisthunywa Lithunywe ukuchaza indlela wena okhule ngayo Wobala amagama mawukhuluma (aaaa mfowethu) Ubobala amagama mawukhuluma (aahaa mfowethu) Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo (wokwesaba ukukhuluma) Ngoba ukukhuluma kudala inkulumo (ihhey) Ngiyak'khumbuza mina, (Yhaaa mfowethu) (Aaaa mfowethu) Uboqaphela (aahaa Mfowethu) Ukuthi yini oyikhulumayo (hheee) Lunamandla ulimi