Vusela
Mthuthu
4:38Vukani sekusile, vuka Zulu sekusile Ake nithule nilalele lomuntu omemezayo Kukhona umuntu othi angikhulume Muvumeleni akhulume kimi umtomdala Lomuntu umi phezu kwezintaba zabeNguni Umemeza kunanele imihosha Wembethe ingubo emhlophe lomuntu Ukhanyisa okonyezi angimboni Amandla angaphezulu, uthi vukani beNguni Uthi kusile kini beNguni Uthi vumelani abangaphakathi Kini ke bathathe indawo Uthi nyakaza Dangabane bakubone, mafavuke Kube nganginenawe Ndaba Kune nganginenawe Mnguni Ngangiyoba nobani na Kube nganginelo idlozi Ngangiyoba nobani na Kube ngangingenawe mndawo Kube ngangingena mndiki namndawo Ngangiyoba nobani Ncono ke ningiyeke le nginjenje Ncono ke ningiyeke mina nginguMnguni Kuncono ningiyeke nginje"