Backroom (Feat. Kwesta)
Musa
4:11Asibuyele emasiswini ngqongqoza bafana singena Nangoke umculo thina esakhula ngawo Umculo ungadluli ongaphuphi noba thina sesafa Kuyoba nguwona ozasikhulisela ingane zobaba Intsizwa zidlala wona lomculo ma kuvakashe intombi Iwaqoqe wonke ama point eyintombini Sakhula ngawo lomculo osomataxi bewudlala emaranki Sivume ingoma sibheke emakhaya Umshayeli ehamba ephulula umkhaba Sidabukela abasibiza amaqaba ngoba Umculo wakithi nguwona ohlanganisa intlanga No Ray Phir bebenqamul'amazwe bencinz'iginci intab'eziwukhahlamba Wawukuphi wena ubhohloza nzimande edlala okokuqala uphuze chemist no khensani kwanyakaza umhlaba ngesixaxambithi Abangane bangakushiya nezihlobo zingahamba kodwa umculo uyohlezi unawe ujule ngomcabango uwedwa ziyokuqhamuka impendulo UNelsom Mandela uyishilo lendaba Wathi into eyayibanika ithemba bese etilongweni Kwakukumamela amaphimbi o Marriam Makheba Brenda Fassie Hugh Masekela Ezimbambwe bakhala inyembezi u Oliver Mtukudzi ecula u neria ESouth Africa kwakugobhoza igazi kufa abantu UEnock Sontonga waqopha i National Anthem ethi Nkosi Sikelela iAfrika yizwa imithandazo yethu Babefile abantu abanye badukile nanamhlanje khona abangatholakalanga Umculo wakithi wasinikeza ithemba nesibindi sokuba Nokuba kunje ngolunye usuku kuzokhanya nomnotho uyophathwa ngabantu bebala elintsundu Nakuba imiva lethu likubi ngenxa lamabhokisi asemhlabathini Kodwa asiqunge isibindi sidle umhlathi sibambane sibheke phambili UShaka Zulu nebutho lakhe wegijima kuzona lezintaba Becula amaculo okukhona osonkondlo belelwa umhlaba owawudliwa ngamany'amakhosi Uma nicula lomculo wakithi ooRobbie Malinga bayonyakaza emathuneni OoSifiso Ngcwane bayakujabula bathokoze bonke nabo Lucky Dube Asiwubambe lomculo wakithi ngoba nguwona kuphela esinawo Njengentuthane sonke sovula esikuqalile nesikityalile Lapho ukhona nawe khulisani ingani zenu ngomculo wasekhaya niyifundise nangamasiko Kwaze kwamnandi ke nokuba nam nginathulela nanku uMusa Qhakaza ndodana yasemzantsi uSbu the poet