Soft Life
Nomfundo Moh
4:09Lalela lalela Hayi uyasind'umthwalo wam Impela linzima ijoka lami Woza ngapha ungiphumuze Mamela mamela Hayi uyasind'umthwalo wami Impela linzima ijoka lami Iza ungiphumuze Uyoba yini wena Ungabazi ubunzima bempilo Mhla ukuhlwa kufika Uyokhala ungashaywanga Uyokhala ngo mama Ukhale ngo baba Kanti bonke abazi lutho Phila nje wena bhekana nenkinga Uthi uyamemeza ilizwe likuguqukele Uyamemeza ucela bakulekelele Bakufulathele bonke babheke le Kwenzakalani kwelakithi Nhlupheko yomuntu Abaugqik'iqakala Kunzima nokhala Uyomangala kuba Lalela lalela Hayi uyasind'umthwalo wam Impela linzima ijoka lami Woza ngapha ungiphumuze Mamela mamela Hayi uyasind'umthwalo wami Impela linzima ijoka lami Iza ungiphumuze Shwele shwele ngiyakhala Ngemizamo yam engaphumelelanga Ngiya nkqonkqoza iminyango iyavalwa Mangimemeza kuyosabela bani na Ibuhlungu inhliziyo yami Nasebusuku ayisalali Ngiyayizam'impilo akulungi Ngiphatheke kabi ngiyalila Kunzima nokuleth'isinkwa ekhaya Maphupha ayashabalala Phelelwe ngamandla Phelelwe lithemba Lalela lalela Hayi uyasind'umthwalo wam Impela linzima ijoka lami Woza ngapha ungiphumuze Mamela mamela Hayi uyasind'umthwalo wami Impela linzima ijoka lami Iza ungiphumuze Lalela lalela Hayi uyasind'umthwalo wam Impela linzima ijoka lami Woza ngapha ungiphumuze Mamela mamela Hayi uyasind'umthwalo wami Impela linzima ijoka lami Iza ungiphumuze