Baba Ngikulolu Hambo
Shembe
4:24Baba ngikulolu hambo Losizi nezinyembezi; Hamba nami WeMhlekazi Ungangishiyi kulelihlane. Ngicabange ngembuke ngibone Ezimpandeni zosizi lokufa; Lokho kufa maku ngembuke Ngiphuze Emthonjeni wokuphila. Ukwesaba kungembethe Kepha Ngawe mangingesabi. Thela kimi umoya wamandla Ngiya kwedlula esigodini sosizi. Lapho abaningi bemisiwe Esigodini sosizi lokufa; Balindele umhla wokuphela Ukukhala nokugedla amazinyo Izindla mafa zonke zimenyiwe Ziyo ngena ngokusina emasangweni Makabongwe uJehova INkosi enamandla onke.