Akalicious (Rokomayo)
Akalicious
Khon' into ekuthiwa I-peer pressure bafethu Choice yabangani Khona aba inspire-rishwe I-crime, I-danger, igazi, ijele Hard life, street, gangsterism nan' nan Apparently mina Ngakhetha leyo Lelo-side lelo Leyo genge leyo Maningi kodwa mina ngisavuka phakathi kwamabili Bafikile abanye kodwa kumina kusekude phambili Ngisboshwa esingagwetshiwe hlezi bengibeka amacala Laba engibathembile bathi ngivuna engakutshala Ngiphilela inamhlanje ngoba kungasa ngifile kusasa Engibika kubona bathi kukhwezeleka iskhuni engas'basa Nginyathela kugumbeke ingcwaba ngihamba indlela eyekufeni Ngiyofela la engiyakhona ithuna lami lisendleleni Usathane uhleli ehlombe hlezi engihlebel' endlebeni Ngihamba ekhaya unembeza wasala egcekeni Ngiphambana nabo benyuka sekuyasinda kuyehlela Mengilala ehlathini ngilala ejele noma esibhedlela Inyanda yensimbi endala ekhanda, enenkatha yesaka Sekwaba icala engalithwala mihla namalanga Nanamhlanje ngisaphantela lesislwane esiphila kimi Sengiphenduk' isqashi kulomzimba ngi-rent ubusuku nemini Iyangithus' impilo yami Bengingazi ngiyophelela lana Mntanami ubobakhetha abangani Lawo ngamazwi kamama Mama, mama! Uwena owawungiyala Manje ngilana, ngoba angizwanga Nalomthwalo osemahlombe uyanda Mama, mama! Uwena owawungiyala Manje ngilana, ngoba angizwanga Nalomthwalo osemahlombe uyanda Eh bathi I-life isbusiso kodwa eyami isqalekiso Mangak'tshela iqiniso angifiseli muntu lempilo Mina ngikhule ngithandaza edladleni besimsaba uthixo Wafik' usathane wangigqekezela wangithathela yonk' into Yazi kuyazwela ngoba umzali ungikhulise kanzima Benginamaphupho manje idakamizwa zidlal' indima Lento yabangani iyona eyangifaka kulomzila Ngangithi ngi-buy iskelem kanti isona esthenga mina Manje sengifisa engathi iskhathi singabuyela emuva Ngilalele yonk' imyalo engayithola ngisakhula Banye bayangiduduza, bathi ngisangaphuma Kodwa ekusekho lula ongakangeni osanethuba Manje sengiphantela lesislwane esphila kim Sengisqashi kulomzimba ngi-rent imini ne mini Yazi ingqaleko mi-kicker ngivuka nangovivi It's either ngibamb' inkunzi noma ngihamba ngibhek' I'nsimbi Iyangithus' impilo yami Bengingazi ngiyophelela lana Mntanami ubobakhetha abangani Lawo ngamazwi kamama Mama, mama! Uwena owawungiyala Manje ngilana, ngoba angizwanga Nalomthwalo osemahlombe uyanda Mama, mama! Uwena owawungiyala Manje ngilana, ngoba angizwanga Nalomthwalo osemahlombe uyanda