Impilo Yami (Feat. Musa Grae & Elnab)

Impilo Yami (Feat. Musa Grae & Elnab)

Akalicious

Альбом: Impilo Yami
Длительность: 3:12
Год: 2025
Скачать MP3

Текст песни

Khon' into ekuthiwa I-peer pressure bafethu
Choice yabangani
Khona aba inspire-rishwe
I-crime, I-danger, igazi, ijele
Hard life, street, gangsterism nan' nan
Apparently mina
Ngakhetha leyo
Lelo-side lelo
Leyo genge leyo

Maningi kodwa mina ngisavuka phakathi kwamabili
Bafikile abanye kodwa kumina kusekude phambili
Ngisboshwa esingagwetshiwe hlezi bengibeka amacala
Laba engibathembile bathi ngivuna engakutshala

Ngiphilela inamhlanje ngoba kungasa ngifile kusasa
Engibika kubona bathi kukhwezeleka iskhuni engas'basa
Nginyathela kugumbeke ingcwaba ngihamba indlela eyekufeni
Ngiyofela la engiyakhona ithuna lami lisendleleni

Usathane uhleli ehlombe hlezi engihlebel' endlebeni
Ngihamba ekhaya unembeza wasala egcekeni
Ngiphambana nabo benyuka sekuyasinda kuyehlela
Mengilala ehlathini ngilala ejele noma esibhedlela

Inyanda yensimbi endala ekhanda, enenkatha yesaka
Sekwaba icala engalithwala mihla namalanga
Nanamhlanje ngisaphantela lesislwane esiphila kimi
Sengiphenduk' isqashi kulomzimba ngi-rent ubusuku nemini

Iyangithus' impilo yami
Bengingazi ngiyophelela lana
Mntanami ubobakhetha abangani
Lawo ngamazwi kamama

Mama, mama!
Uwena owawungiyala
Manje ngilana, ngoba angizwanga
Nalomthwalo osemahlombe uyanda

Mama, mama!
Uwena owawungiyala
Manje ngilana, ngoba angizwanga
Nalomthwalo osemahlombe uyanda

Eh bathi I-life isbusiso kodwa eyami isqalekiso
Mangak'tshela iqiniso angifiseli muntu lempilo
Mina ngikhule ngithandaza edladleni besimsaba uthixo
Wafik' usathane wangigqekezela wangithathela yonk' into

Yazi kuyazwela ngoba umzali ungikhulise kanzima
Benginamaphupho manje idakamizwa zidlal' indima
Lento yabangani iyona eyangifaka kulomzila
Ngangithi ngi-buy iskelem kanti isona esthenga mina

Manje sengifisa engathi iskhathi singabuyela emuva
Ngilalele yonk' imyalo engayithola ngisakhula
Banye bayangiduduza, bathi ngisangaphuma
Kodwa ekusekho lula ongakangeni osanethuba

Manje sengiphantela lesislwane esphila kim
Sengisqashi kulomzimba ngi-rent imini ne mini
Yazi ingqaleko mi-kicker ngivuka nangovivi
It's either ngibamb' inkunzi noma ngihamba ngibhek' I'nsimbi

Iyangithus' impilo yami
Bengingazi ngiyophelela lana
Mntanami ubobakhetha abangani
Lawo ngamazwi kamama

Mama, mama!
Uwena owawungiyala
Manje ngilana, ngoba angizwanga
Nalomthwalo osemahlombe uyanda

Mama, mama!
Uwena owawungiyala
Manje ngilana, ngoba angizwanga
Nalomthwalo osemahlombe uyanda