Memeza (Feat. Sjava)
Blaq Diamond
6:06Ngibong' umama, ngempilo enginayo Ungikhulisa uwedwa ngingenababa Washabalala amaphupho wakho, wazinikela kimi njengomntwana wakho Ngibong' umama, ngempilo enginayo Wangikhulisa uwedwa ngingenababa Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho Wonk' amasonto ubungithatha uthi asambe siye enkonzweni (siye enkonzweni) Isikhalo sakho nanamhlanje sisahleli la engqondweni (la engqondweni) Wath' umthandazo wenza ukuthi uSathane angasondeli Ngilondoloze mama, ngilondoloze mama, ngilondoloze mama Mangikhul' ubung'khanyisela ngekhandlel' elimhlophe Ubumxelel' uThixo ukubana ezintlungwini az' angjonge Impel' inkosi bekuningi okuthwel' emahlombe Ngilondoloze mama, ngilondoloze mama, ngilondoloze mama Nami yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto Ngizokwenzela yonk' into Nami yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto Ngizokwenzela yonk' into Ngibong' umama, ngempilo enginayo Ungikhulisa uwedwa ngingenababa Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho Ngibong' umama, ngempilo enginayo Ungikhulisa uwedwa ngingenababa Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho Ukusebenza kanzima ngakufundiswa nguwe nje Noma ngilele ngigula, wen' uzongi-nursa nje Uyajabula umoya mangibona umoyizela nje Unkulunkulu akugcine njalo, uzobona abazukulu bakho Phela mina nawe ukhumbule siphum' entluphekweni Wangitshela into eyodwa ubohlala emthandazweni Buka manje indodana yakho idumile emazweni Ngizokulethela umolokazana ozovus' umuzi kababa Shwele ndlovukazi ngithi shwele (shwele, shwele) Uyibekile induku ebandla, ngikugqokis' umqhele Awu ngithi shwele ndlovukazi ngithi shwele (shwele, shwele) Uyibekile induku ebandla, ngikugqokis' umqhele Ngibong' umama, ngempilo enginayo Ungikhulisa uwedwa ngingenababa Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho Ngibong' umama, ngempilo enginayo Ungikhulisa uwedwa ngingenababa Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho Ngiyabulela mama wami Ngiyabulela mama wami Akugcine usomandla Ngiyabulela mama wami