Ubuciko Bamaciko
Imacsoul
4:12NGINAMANDLA Ngiye ngashisa impepho Ngaphahle emsamo, Ngibikela wonke ama Thongo Ukukhala kwami, Ngibize ubaba nogogo Ekhaya komama, Basifukamela ISIDLEKE esiphethe izinyoni zabo, Ngitshele, Pho impilo ngizoyesabelani (Idlozi lami lingethwese amandla), Ngiphathisiwe mina, (Nginamandla) Pho impilo ngizoyesabelani (Ithongo lami lingethwese amandla) Ngiphathisiwe nami (Nginamandla) Nginamandla Hhey Zalo lwami, (aw hhe) Ngakwenzani, Wayibuka ngeso lenyoka intozami, Mzamo yami wena Iyakukhathaza, Bheka okwakho Nami ngizobheka okwami ngiyeke, Mawucabaga ngizokwesabelani (Idlozi lami lingethwese amandla), Ngiphathisiwe mina, (Nginamandla) Nginamandla Uma ucabaga ngizokwesabelani (Ithongo lami lingethwese amandla) Hey ngiphathisiwe mina (Nginamandla) Hey Nginamandla Nasethunzini lokufa anginakwesaba Nginamandla, (Mina iggelosi yami ayifuni ngami) Nginamandla Nasethunzini lokufa anginakwesaba Nginamandla, (Idlozi lami alifuni ngami) Ngembethe amabutho azala Obaba abazala obaba, Ngophenduka inkanyezi uma kwenzeka lingaphumi ilanga, Inkani enginayo eyokulilwela ikusasa lami, Ngibe yinkanyezi uma kwenzeka lingaphumi ilanga, (Aw yee) Sengikhulile, (ngikhulile) Emaphutheni ngiyofunda ngizikhulise La engiwa khona ngiyovuka ngizithintithe, Impilo yami ngiphathisiwe angiziphathele mina, Ngizohamba ngalawomandla enginawo (Ngizohamba), Ngizohamba ngalawomandla enginawo (Ngizohamba) Hhey Ayi ngoba ngike ngashisa impepho (ahoo) Ngaphahle emsamo, (ngambiza ubaba) Ngibikela wonke ama Thongo Ukukhala kwami, (ngambiza ubaba) Ngibize ubaba nogogo Ekhaya komama, Basifukamela ISIDLEKE esiphethe izinyoni zabo, Ngitshele, Pho impilo ngizoyesabelani na? (Idlozi lami lingethwese amandla), Hey ngiphathisiwe mina, (Nginamandla) Pho umhlaba ngizowesabelani? (Idlozi lami lingethwese amandla), Aw heey ngiphathisiwe (Nginamandla)