Iphinifa
Imacsoul
4:26Ngithwele - Imacsoul Written by Menzi Malusi Dlodlo Hhey ngithwele Ngithwele kanzima baba ngithwele mina, Ngithwele Ngithwele kanzima baba ngithwele mina, Somandla ngicela ungivulele Somandla ngicela ungivulele iminyango (Inhlupheko ibukisa ngami) Ngoba ngithwele Ngithwele kanzima Webaba Ngithwele mina, Ngithwele Ngithwele kanzima Webaba Ngithwele mina, Somandla ngiyethemba ulalele Hhey uyangizwa, Somandla ngicela ungivulele iminyango, Hhey Uyazi empilweni bancane abathola lempilo abayifunayo, Kunzima endleleni sivika abomndeni abafungayo, Hhey ngisaphila ngokuhlanganisa Impilo isabhala ngokuhlanganisa, Noma ungamncane kanjani umehluko nkosiyam iwona oyongijabulisa, Sengikhulekela ukuthi mangicula (ngicula) Kuyingenele Enhlizweni yomuntu, (bengizwe) Ngithi uma ngicula kuvuke lomuntu okumuntu, Kengishaye ingoma kuvuke isthunywa Ahleke usathane angimisele isthupha, (engivuma) Ngithi uma ngicula kuvuke lomuntu okumuntu, Ngoba ukuhlabelela kuyamelapha odabukileyo, (kuyamelapha) Somandla ngihuba lelihubo bonke abalimele bathobe amanxeba, Ngoba ukuhlablela Kuyamelapha odabukileyo, (kuyamelapha) Somandla ngihuba lelihubo bonke abalimele bathobe amanxeba, Somandla ngiyethemba ulalele... Hhey Uyangizwa, Somandla ngicela ungivulele Somandla ngicela ungivulele iminyango, Somandla ngicela ungivulele Somandla ngicela ungivulele iminyango Ngoba ngithwele Ngithwele kanzima Webaba Ngithwele mina, Ngithwele Ngithwele kanzima Webaba Ngithwele mina (Sengikhathele ukuthwala kanzima mina) Mkhulu womkhulu yandisa izibusiso zami Ungixolele iziphambeko zami, Ungavumi Inhlupheko yalana emhlabeni Ibukise ngami, Ung'vulele esinye isahluko sempilo yami Ungiphe amandla ngivuse ikhaya Mhlampe ngiyothola nokuthi ngijabule kancane (Ngifane nabanye), Ishabalalise inzondo enginayo Ungiphe inhliziyo enomusa nothando, Ungiph'isibindi ngamukele mukele mukele konke kofika ngesikhathi, Hlenga lempilo yam mpilo yam mpilo yam Ngigade kulezizitha engingazi Uze ungiph'isibindi ngamukele mukele mukele konke kofika ngesikhathi esabekwa nguwe, Ngeke ungethwese umthwalo ongaphekwamandla ami, Ngeke kulonyaka uzoba mkhulu umehluko, Ngeke ungethwese umthwalo ongaphekwamandla ami, Ngeke kulonyaka uzoba mkhulu umehluko kimi.